23 Namaqondana nendaba esikhulume ngayo mina nawe, bheka, uJehova uphakathi kwakho nami kuze kube phakade.”
24 UDavide wacasha masinyane endle; isethwasile inyanga, inkosi yahlala ekudleni ukuba idle.
25 Inkosi yahlala esihlalweni sayo njengakwezinye izikhathi, isihlalo esingasodongeni; uJonathani wema, u-Abineri wahlala ngaseceleni kukaSawule; kepha indawo kaDavide yayiyize.
26 Kodwa uSawule akakhulumanga lutho ngalolo suku, ngokuba wacabanga ukuthi: “Okuthile kumehlele; akahlambulukile, impela akahlambulukile.”
27 Kwathi ngangomuso emva kokwethwasa kwenyanga ngolwesibili indawo kaDavide yayiyize; uSawule wathi kuJonathani indodana yakhe: “Indodana kaJese ayifikanga ngani ekudleni nayizolo nanamuhla na?”
28 UJonathani wamphendula uSawule, wathi: “UDavide wangicela nokungicela ukuba aye eBetlehema,
29 wathi: ‘Ake ungivumele ukuba ngihambe, ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini; umfowethu ungiyalile; manje-ke, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mangihambe ngibone abafowethu.’ Ngalokho akafikanga etafuleni lenkosi.”