6 Uma uyihlo engifica ngingekho, wothi: ‘UDavide wacela nokucela ukuba agijimele eBetlehema umuzi wakhe, ngokuba kukhona lapho umhlatshelo weminyaka ngeminyaka owenzelwa wonke umndeni wakubo.’
7 Uma esho ukuthi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyakuba nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqume okubi.
8 Ngalokho yenzela inceku yakho isihawu, ngokuba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova nawe; kepha uma kukhona ububi kimi, ngibulale wena, ngokuba ubuyakungiyiselani kuyihlo na?”
9 UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywe okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho, bengingayikukutshela na?”
10 UDavide wayesethi kuJonathani: “Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendula kabi na?”
11 UJonathani wathi kuDavide: “Woza siye endle.” Baphuma bobabili, baya endle.
12 UJonathani wathi kuDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe.