9 Wayesethi umpristi: “Inkemba kaGoliyati umFilisti owambulala esigodini sase-Ela, bheka, ilapho, isongiwe ngengubo emva kwengubo yamahlombe. Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho lapha enye ngaphandle kwayo.”UDavide wathi: “Ayikho enjengayo; nginike yona.”
10 Wayesesuka uDavide, wabaleka ngalolo suku ngokwesaba uSawule, waya ku-Akhishi inkosi yaseGati.
11 Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: “Lo akasiye uDavide, inkosi yezwe, na? Abavumelananga yini ngaye omunye nomunye, besina bethi:“ ‘USawule ubulele izinkulungwane zakhe,kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi,’ na?”
12 UDavide wabeka lawo mazwi enhliziyweni yakhe, wamesaba kakhulu u-Akhishi inkosi yaseGati.
13 Waguquka ingqondo phambi kwabo, wazenza ohlanyayo ezandleni zabo, wadweba ezivalweni zamasango, wehlisela amathe esilevini.
14 U-Akhishi wayesethi ezincekwini zakhe: “Bheka, uyabona ukuthi lo muntu uyahlanya; nimletheleni kimi na?
15 Ngiswele izinhlanya yini ukuba nimlethe lo muntu ukuzenza uhlanya ebusweni bami na? Angene endlini yami lona na?”