19 INobi, umuzi wabapristi, walichitha ngosiko lwenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi nezimbongolo nezimvu, ngosiko lwenkemba.
20 Omunye wamadodana ka-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi ogama lakhe lingu-Abiyathara wabaleka, wamlandela uDavide.
21 U-Abiyathara wamtshela uDavide ukuthi uSawule ubulele abapristi bakaJehova.
22 UDavide wathi ku-Abiyathara: “Ngazi ngalolo suku mhla uDowegi wakwa-Edomi elapho ukuthi uyakumtshela nokumtshela uSawule; yimi engibangele ukuba bafe abantu bonke bendlu kayihlo.
23 Hlala kimi, ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami ufuna ukuphila kwakho, kepha uyakulondolozeka kimi.”