6 Kwathi lapho u-Abiyathara indodana ka-Ahimeleki ebaleka eya kuDavide eKeyila, wehla, ingubo yamahlombe isesandleni sakhe.
7 Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKeyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.”
8 USawule wabiza abantu bonke, baye empini, behlele eKeyila, bavimbezele uDavide nabantu bakhe.
9 UDavide wazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye; wathi ku-Abiyathara umpristi: “Letha ingubo yamahlombe.”
10 Wayesethi uDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, inceku yakho izwile nokuzwa ukuthi uSawule ufuna ukuza eKeyila ukuba achithe umuzi ngenxa yami.
11 Abantu baseKeyila bayakungikhaphela yini esandleni sakhe na? USawule uyakwehla njengalokho inceku yakho izwile na? Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ake uyitshele inceku yakho.”Wathi uJehova: “Uyakwehla.”
12 Wayesethi uDavide: “Abantu baseKeyila bayakungikhaphela mina nabantu bami esandleni sikaSawule na?”Wathi uJehova: “Bayakukukhaphela.”