1 AbaseZifi beza kuSawule eGibeya, bathi: “UDavide akacashi yini entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane na?”
2 USawule wasuka, wehlela ehlane laseZifi enabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abayizinkulungwane ezintathu ukuba amfune uDavide ehlane.
3 USawule wamisa entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane ngasendleleni. Kepha uDavide wahlala ehlane, wabona ukuthi uSawule uyamlandela ehlane.
4 UDavide wayesethuma izinhloli, wazi ukuthi uSawule ufikile impela.
5 UDavide wasuka, weza endaweni uSawule amise kuyo; uDavide wabona indawo uSawule ahlala kuyo, eno-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakhe; uSawule wayelele ezinqoleni, abantu bemise ngakuye nxazonke.
6 UDavide wayesethatha washo ku-Ahimeleki umHeti naku-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, ethi: “Ngubani oyakwehla nami ukuya kuSawule ekamu* na?”U-Abishayi wathi: “Ngiyakwehla nawe.”
7 ODavide no-Abishayi bafika kubantu ebusuku; bheka, uSawule wayelele ubuthongo ezinqoleni, umkhonto wakhe ugxunyekiwe emhlabathini ngasekhanda lakhe; u-Abineri nabantu bakhe babelele ngakuye nxazonke.