10 UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya, noma kufika nje usuku lwakhe lokufa, noma ehlela empini, abhubhe.
11 UJehova makenqabe ukuba ngelulele isandla sami kogcotshiweyo kaJehova; ake uthathe umkhonto ongasekhanda lakhe nesigubhu samanzi, sihambe.”
12 UDavide wayesethatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba, kungaboni muntu, kungazi muntu, kungavuki muntu, ngokuba babelele bonke, lokhu bebehlelwe ngubuthongo obunzima obuvela kuJehova.
13 UDavide wayesewelela phesheya, wema esiqongweni sentaba ekude, isikhala esikhulu siphakathi kwabo.
14 UDavide wabiza abantu no-Abineri indodana kaNeri, ethi: “Awusabeli, Abineri, na?”U-Abineri wayesesabela ethi: “Ungubani wena obiza inkosi na?”
15 UDavide wathi ku-Abineri: “Awusiye umuntu okungekho onjengawe kwa-Israyeli na? Awulindanga ngani inkosi yakho, inkosi? Ngokuba kwafika omunye wabantu ukuyobulala inkosi yakho, inkosi.
16 Akukuhle okwenzileyo. Kuphila kukaJehova, nimelwe ukufa, ngokuba anilindanga inkosi yenu, ogcotshiweyo kaJehova. Manje bhekani ukuthi umkhonto wenkosi uphi nesigubhu samanzi esasingasekhanda lakhe.”