13 UDavide wayesewelela phesheya, wema esiqongweni sentaba ekude, isikhala esikhulu siphakathi kwabo.
14 UDavide wabiza abantu no-Abineri indodana kaNeri, ethi: “Awusabeli, Abineri, na?”U-Abineri wayesesabela ethi: “Ungubani wena obiza inkosi na?”
15 UDavide wathi ku-Abineri: “Awusiye umuntu okungekho onjengawe kwa-Israyeli na? Awulindanga ngani inkosi yakho, inkosi? Ngokuba kwafika omunye wabantu ukuyobulala inkosi yakho, inkosi.
16 Akukuhle okwenzileyo. Kuphila kukaJehova, nimelwe ukufa, ngokuba anilindanga inkosi yenu, ogcotshiweyo kaJehova. Manje bhekani ukuthi umkhonto wenkosi uphi nesigubhu samanzi esasingasekhanda lakhe.”
17 USawule walazi izwi likaDavide, wathi: “Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide, na?”UDavide wathi: “Yizwi lami, nkosi yami, nkosi.”
18 Wathi: “Inkosi yami iyixoshelani inceku yayo na? Ngokuba ngenzeni na? Ngububi buni obusesandleni sami na?
19 Ngalokho mayizwe inkosi yami, inkosi, amazwi enceku yayo. Uma nguJehova okuncokoloza ngami, makamukele umnikelo, kepha uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaJehova, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’