2 UDavide wathi ku-Akhishi: “Ngalokho uyakwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani.”U-Akhishi wathi kuDavide: “Ngalokho ngiyakukubeka ube ngumlindi wekhanda lami kuze kube nini.”
3 USamuweli wayesefile; wonke u-Israyeli wamkhalela, wammbela eRama umuzi wakhe. USawule wayexoshile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi.
4 AmaFilisti abuthana afika, amisa eShunemi; uSawule wabutha wonke u-Israyeli, wamisa eGilibowa.
5 Lapho uSawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu.
6 USawule wabuza kuJehova; uJehova akamphendulanga nangamaphupho, nange-Urimi,* nangabaprofethi.
7 Wayesethi uSawule kuzo izinceku zakhe: “Ngifuneleni owesifazane onedlozi ukuba ngiye kuye, ngibuze kuye.”Izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, kukhona owesifazane onedlozi e-Eni Dori.”
8 USawule waziguqula, wembatha ezinye izingubo, wahamba yena nabantu ababili benaye, bafika kowesifazane ebusuku, wathi: “Ake ungibhulele ngedlozi, ungenyusele engiyakumusho kuwe.”