20 USawule wayesewela phansi ngekhanda, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi kaSamuweli, akwabakho mandla kuye, ngokuba akadlanga lutho ngosuku lonke nobusuku bonke.
21 Owesifazane wafika kuSawule, wabona ukuthi wesaba kakhulu, wathi kuye: “Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile ukuphila kwami esandleni sami; ngalalela amazwi akho owawakhuluma kimi.
22 Ngalokho mawulilalele izwi lencekukazi yakho, ngibeke ucezu lwesinkwa phambi kwakho; yidla ukuba uthole amandla, nxa uhamba indlela yakho.”
23 Kepha wala wathi: “Angiyikudla.” Kodwa zamcindezela izinceku zakhe kanye nowesifazane, walilalela izwi labo. Wayesevuka emhlabathini, wahlala embhedeni.
24 Owesifazane wayenethole elikhuluphalisiweyo endlini; washesha walibulala; wathatha impuphu, wayixova, wenza isinkwa esingenamvubelo ngayo,
25 wasiletha phambi kukaSawule naphambi kwezinceku zakhe, badla. Base besuka bahamba ngalobo busuku.