7 Wayesethi uSawule kuzo izinceku zakhe: “Ngifuneleni owesifazane onedlozi ukuba ngiye kuye, ngibuze kuye.”Izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, kukhona owesifazane onedlozi e-Eni Dori.”
8 USawule waziguqula, wembatha ezinye izingubo, wahamba yena nabantu ababili benaye, bafika kowesifazane ebusuku, wathi: “Ake ungibhulele ngedlozi, ungenyusele engiyakumusho kuwe.”
9 Owesifazane wathi kuye: “Bheka, uyazi ukuthi uSawule wenzeni, ukuba unqumile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi; ngalokho ungibekelelani ugibe ukuba ungibulale na?”
10 USawule wafunga uJehova kuye owesifazane, wathi: “Kuphila kukaJehova, awuyikwehlelwa cala ngalokho.”
11 Wayesethi owesifazane: “Ngiyakukwenyusela bani na?”Wathi: “Ngenyusele uSamuweli.”
12 Lapho owesifazane embona uSamuweli, wamemeza ngezwi elikhulu; owesifazane wakhuluma noSawule, wathi: “Ungikhohliseleni na? Ngokuba unguSawule.”
13 Inkosi yayisithi kuye: “Ungesabi; ubonani na?”Owesifazane wathi kuSawule: “Ngibona unkulunkulu ephuma emhlabathini.”