1 Kwathi uDavide nabantu bakhe sebefikile eSikilagi ngosuku lwesithathu, ama-Amaleki ayengenele eNingizimu naseSikilagi, alichitha iSikilagi, alishisa ngomlilo,
2 athumba abesifazane ababe phakathi, abancane nabakhulu engabulalanga muntu, abamukisa, ahamba indlela yawo.
3 Lapho uDavide nabantu bakhe befika emzini, bheka, wawushisiwe ngomlilo; omkabo, namadodana abo, namadodakazi abo babethunjiwe.
4 UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka, bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.