12 bamnika nocezu lwesigaxa samakhiwane, nezigaxa ezimbili zezithelo zomvini ezomileyo; esedlile kwabuyela kuye umoya wakhe, ngokuba wayengadlanga sinkwa, engaphuzanga manzi, izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
13 UDavide wathi kuye: “Ungokabani na? Uvelaphi na?”Wathi: “Ngiyinsizwa yaseGibithe, inceku yomAmaleki, kepha inkosi yami yangishiya, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu ngigula.
14 Sangenela ngaseningizimu yamaKhereti, nakwelakwaJuda, naseningizimu kaKalebi, salishisa iSikilagi ngomlilo.”
15 UDavide wathi kuye: “Ungangehlisela kulelo viyo na?”Wathi: “Funga kimi uNkulunkulu ukuthi awuyikungibulala, unganginikeli ezandleni zenkosi yami, ngiyakukwehlisela kulelo viyo.”
16 Wayesemehlisa; bheka, babehlakazekile endaweni yonke, bedla, bephuza, besina phakathi kwayo yonke impango ababeyithathile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwaJuda.
17 UDavide wababulala kusukela ekuhweleleni kuze kuhlwe ngangomuso, akwaphunyuka muntu kubo, kuphela izinsizwa ezingamakhulu amane ezazikhwela amakamela, zabaleka.
18 UDavide wakhulula konke okwakuthathwe ngama-Amaleki, uDavide wakhulula nawomkakhe bobabili.