8 UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngixoshe lelo viyo na? Ngingalifica na?”Wamphendula wathi: “Xosha, ngokuba uyakulifica impela, ukhulule konke.”
9 Wayesehamba uDavide, yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, wafika emfudlaneni iBesori, lapho kwahlala khona amasalela.
10 Kodwa UDavide waxosha, yena nabantu abangamakhulu amane, ngokuba abangamakhulu amabili basala emuva, bezukekile ukuze bangaweli umfudlana iBesori.
11 Bafumana owaseGibithe endle, bamyisa kuDavide, bamnika isinkwa, wadla; bamphuzisa amanzi;
12 bamnika nocezu lwesigaxa samakhiwane, nezigaxa ezimbili zezithelo zomvini ezomileyo; esedlile kwabuyela kuye umoya wakhe, ngokuba wayengadlanga sinkwa, engaphuzanga manzi, izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
13 UDavide wathi kuye: “Ungokabani na? Uvelaphi na?”Wathi: “Ngiyinsizwa yaseGibithe, inceku yomAmaleki, kepha inkosi yami yangishiya, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu ngigula.
14 Sangenela ngaseningizimu yamaKhereti, nakwelakwaJuda, naseningizimu kaKalebi, salishisa iSikilagi ngomlilo.”