3 Impi yaba nzima kuSawule; abacibishelayo bamfica, wakhathazeka kakhulu ngenxa yabacibishelayo.
4 USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangigwaze, bangone.” Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.
5 Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile, lwawela nalo phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye.
6 Wafa-ke uSawule namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo suku kanyekanye.
7 Lapho abantu bakwa-Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.
8 Kwathi ngangomuso, lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe omathathu bewile entabeni yaseGilibowa.
9 Amnquma ikhanda, athatha izikhali zakhe, azithuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela endlini yezithombe zawo nakubantu.