9 Kwathi sebewususele khona, isandla sikaJehova sasiphezu kwalowo muzi ngokungquzula okukhulu, wabulala abantu bomuzi abancane nabakhulu; kwaqhamuka amathumba kubo.
10 Base bethuma umphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni. Kwathi ekufikeni komphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni abase-Ekroni bakhala bathi: “Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli kithi ukuba usibulale thina nabantu bakithi.”
11 Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endlini yawo, ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona.
12 Abantu abangafanga bashaywa ngamathumba; ukukhala komuzi kwenyukela ezulwini.