18 Niyakukhala ngalolo suku ngenxa yenkosi yenu, eniyakube nizikhethele yona; kepha uJehova akayikuniphendula ngalolo suku.”
19 Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Hhayi, sifuna ukuba kube khona inkosi phezu kwethu,
20 ukuze nathi sibe njengezizwe zonke, inkosi yethu isahlulele, iphume phambi kwethu, ilwe izimpi zethu.”
21 USamuweli wezwa onke amazwi abantu, wawalanda ezindlebeni zikaJehova.
22 UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labo, ubanike inkosi.”USamuweli wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Hambani niye, kube yilowo nalowo emzini wakini.”