1 U-Ahabi wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa eSamariya. UJehu waloba izincwadi, wazithuma eSamariya ezinduneni zaseJizreyeli kumalunga nakubondli bakwa-Ahabi, wathi:
2 “Manje njengalokhu le ncwadi ifika kinina, lokhu amadodana enkosi yenu ekini, kukhona futhi kini izinqola namahhashi, kanye nomuzi obiyelweyo, nezikhali,
3 ziboneleni enhle nefaneleyo kumadodana enkosi yenu, niyibeke esihlalweni sobukhosi sikayise, nilwele indlu yenkosi yenu.”
4 Kepha besaba kakhulu impela, bathi: “Bheka, amakhosi amabili awemanga phambi kwakhe; pho, thina singema kanjani na?”
5 Umphathi wendlu nomphathi womuzi kanye namalunga nabondli bathumela kuJehu, bathi: “Siyizinceku zakho, siyakwenza konke oyakusitshela khona; asiyikwenza muntu abe yinkosi; yenza okuhle emehlweni akho.”
6 Wayeseloba incwadi yesibili kubo, ethi: “Uma ninami, nilalela izwi lami, thathani amakhanda alaba bantu, amadodana enkosi yenu, nize kimi eJizreyeli ngalesi sikhathi kusasa.” Amadodana enkosi engabantu abangamashumi ayisikhombisa ayekwabakhulu bomuzi ababewondla.
7 Kwathi incwadi isifikile kubo, bawathatha amadodana enkosi, bawabulala, abantu abangamashumi ayisikhombisa, babeka amakhanda awo emaqomeni, bawathuma kuye eJizreyeli.