2 Amakhosi 2 ZUL59

U-Eliya uyamukelwa ezulwini

1 Kwathi lapho uJehova ebeyakumkhuphula u-Eliya aye ezulwini ngesivunguvungu, u-Eliya wasuka eGiligali no-Elisha.

2 U-Eliya wathi ku-Elisha: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eBethele.”Kepha u-Elisha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya.” Behlela-ke eBethele.

3 Amadodana abaprofethi ayeseBethele aphuma, aya ku-Elisha, athi kuye: “Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na?”Wathi: “Yebo, ngiyakwazi; thulani.”

4 U-Eliya wathi kuye: “Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko.”Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bafika-ke eJeriko.

5 Amadodana abaprofethi ayeseJeriko asondela ku-Elisha, athi kuye: “Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na?”Wathi: “Yebo, ngiyakwazi; thulani.”

6 U-Eliya wathi kuye: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJordani.”Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bahamba-ke bobabili.

7 Abantu abangamashumi ayisihlanu bamadodana abaprofethi baya bema khashana maqondana nabo; bona bobabili bema ngaseJordani.

8 U-Eliya wathatha ingubo yakhe, wayisonga, washaya amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha, bawela bobabili emhlabathini owomileyo.

9 Kwathi sebewelile, u-Eliya wathi ku-Elisha: “Cela engiyakukwenzela khona ngingakasuswa kuwe.”Wathi u-Elisha: “Makuphindwe kabili umoya wakho phezu kwami.”

10 Kepha wathi: “Ucele into elukhuni; nokho, uma ungibona lapha ngisuswa kuwe, kuyakuba njalo kuwe; kodwa uma ungangiboni, akuyikuba njalo.”

11 Kwathi beselokhu behamba bekhuluma, bheka, nanso inqola yomlilo namahhashi omlilo, kwabahlukanisa bobabili; u-Eliya wakhuphukela ezulwini ngesivunguvungu.

12 U-Elisha wakubona, wamemeza wathi: “Baba, baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!” Akabe esambona futhi; wabamba izingubo zakhe, waziklebhula kabili.

U-Elisha ungumprofethi; izimangaliso zakhe

13 Wacosha ingubo ka-Eliya ebiwile kuye, wabuya, wema ngasogwini lwaseJordani.

14 Wayithatha ingubo ka-Eliya ebiwile kuye, washaya amanzi, wathi: “Uphi uJehova uNkulunkulu ka-Eliya na?” Esewashayile amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha; u-Elisha wawela.

15 Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye, athi: “Umoya ka-Eliya uhlezi phezu kuka-Elisha.” Afika ukumhlangabeza, akhothamela phansi phambi kwakhe.

16 Athi kuye: “Bheka, kukhona phakathi kwezinceku zakho amadoda angamashumi ayisihlanu anamandla; mawahambe, afune inkosi yakho; kumbe uMoya kaJehova umkhuphulile, wamlahla entabeni ethile noma esigodini esithile.”Kepha wathi: “Ningawathumi.”

17 Amncengisisa waze waba namahloni; wayesethi: “Thumani.” Ayesethuma abantu abangamashumi ayisihlanu; bamfuna izinsuku ezintathu, kepha abamtholanga.

18 Babuyela kuye esahlezi eJeriko; wathi kubo: “Angishongo yini kini ukuthi: ‘Ningahambi,’ na?”

19 Kepha abantu bomuzi bathi ku-Elisha: “Bheka, isiza somuzi sihle, njengokuba inkosi ibona, kepha amanzi mabi, izwe liyabhulubisa.”

20 Wathi: “Ngiletheleni isitsha esisha, nibeke usawoti kuso.” Basiletha kuye.

21 Waphuma, waya emthonjeni wamanzi, waphonsa kuwo usawoti, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngelaphile lawa manzi; akusayikuvela ukufa kuwo nokubhuluba.’ ”

22 Elashwa-ke amanzi kuze kube namuhla njengezwi lika-Elisha alikhulumayo.

23 Wenyuka lapho, waya eBethele; esenyuka endlelni, kwaphuma abafana emzini, bamklolodela, bathi kuye: “Yenyuka wena mpandlandini! Yenyuka wena mpandlandini!”

24 Wabheka emva kwakhe, wababona, wabaqalekisa egameni likaJehova. Kwase kuphuma ehlathini amabhere* amabili ezinsikazi, adwengula abafana abangamashumi amane nambili kubo.

25 Wasuka khona, waya entabeni yaseKarmeli; esuka lapho wabuyela eSamariya.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25