24 Bangena ukunikela ngemihlatshelo nangeminikelo yokushiswa. UJehu wayezimisele ngaphandle abantu abangamashumi ayisishiyagalombili, wathi: “Uma kuphunyuka umuntu walaba bantu engibaletha ezandleni zenu, kuyakuba ngukuphila ngokuphila.”
25 Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa, uJehu wathi kubalindi nasezinduneni: “Ngenani, nibabulale, kungaphumi muntu.” Bababulala ngosiko lwenkemba. Abalindi nezinduna babantshinga phandle, bangena ekamelweni eliphakathi lendlu kaBali.
26 Bakhipha izinsika ezazisendlini kaBali, bazishisa.
27 Babhidliza insika kaBali, badiliza indlu kaBali, bazenza izindlu zendle kuze kube namuhla.
28 UJehu wamchitha-ke uBali kwa-Israyeli.
29 Kepha akasukanga ekulandeleni izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, namathole egolide ayeseBethele nakwaDani.
30 UJehova wathi kuJehu: “Ngenxa yokuba wenze kahle ngokufeza okulungile emehlweni ami, futhi wenze kuyo indlu ka-Ahabi njengakho konke okwakusenhliziyweni yami, amadodana akho ezizukulwane ezine ayakuhlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.”