33 kusukela eJordani ngasempumalanga, lonke izwe lakwaGileyadi, abakwaGadi, nabakwaRubeni, nabakwaManase, kusukela e-Aroweri elingasemfuleni i-Arinoni, elakwaGileyadi neBashani.
34 Ezinye izindaba zikaJehu, nakho konke akwenzayo, nawo onke amandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
35 UJehu wayeselala koyise, bammbela eSamariya. UJehowahazi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
36 Isikhathi uJehu abusa ngaso kwa-Israyeli, eSamariya saba yiminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili.