16 Base bemdedela nxazombili, wahamba ngendlela yokungena kwamahhashi endlini yenkosi; wabulawa khona.
17 UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaJehova nenkosi nabantu ukuba babe ngabantu bakaJehova, naphakathi kwabantu nenkosi.
18 Bonke abantu bezwe baya endlini kaBali, bayibhidliza; ama-altare akhe nezithombe zakhe bakuphahlaza kakhulu, babulala uMathani, umpristi kaBali, phambi kwama-altare. Umpristi wamisela indlu kaJehova ababonisi.
19 Wayesethatha izinduna zamakhulu, namaKhari,* nabalindi, nabo bonke abantu bezwe; bayehlisa inkosi endlini kaJehova, baya endlini yenkosi ngendlela yesango labalindi. Yahlala esihlalweni sobukhosi.
20 Bonke abantu bezwe bathokoza, umuzi wazola; bambulala u-Athaliya ngenkemba endlini yenkosi.
21 UJehowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa.