3 Wayenaye ethukusiwe endlini kaJehova iminyaka eyisithupha; u-Athaliya wabusa ezweni.
4 Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada wathumela walanda izinduna zamakhulu zamaKhari* nezabalindi, wazingenisa kuye endlini kaJehova, wenza isivumelwano nazo, wazifungisa endlini kaJehova, wazibonisa indodana yenkosi.
5 Waziyala wathi: “Nansi into eniyakuyenza: abesithathu kini abangena ngesabatha bayakuba ngabalindi bendlu yenkosi,
6 abesithathu babe sesangweni laseSuri, abesithathu babe sesangweni emva kwabalindi, niyilinde nokuyilinda indlu, nidedelane.
7 Amaviyo enu amabili, bonke abaphuma ngesabatha, ayakulinda indlu kaJehova enkosini.
8 Niyakuyizungeza inkosi nxazonke, yilowo nalowo abe nezikhali zakhe esandleni sakhe; ongena phakathi kwezinhla makabulawe; yibani nenkosi ekuphumeni kwayo nasekungeneni kwayo.”
9 Izinduna zamakhulu zenza njengakho konke ukuyala kukaJehoyada umpristi, zathatha, kwaba yileyo naleyo abantu bayo ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha, zeza kuJehoyada umpristi.