2 Amakhosi
Izahluko 12:18-21
Ibhayibheli Elingcwele
18UJehowashi, inkosi yakwaJuda, wathatha zonke izinto ezingcwele, ezingcwelisiwe ngoJehoshafati noJehoramu no-Ahaziya oyise, amakhosi akwaJuda, nezinto zakhe ezingcwelisiwe, nalo lonke igolide elafunyanwa engcebeni endlini kaJehova nasendlini yenkosi, wakuthuma kuHazayeli inkosi yase-Aramu; wayesesuka eJerusalema.
19Ezinye izindaba zikaJowashi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
20Izinceku zakhe zasuka, zenza ugobe, zambulala uJowashi endlini yaseMilo ekwehleleni eSila.
21UJozakari, indodana kaShimeyati, noJehozabadi indodana kaShomeri, izinceku zakhe, bambulala, wafa; bammbela koyise emzini kaDavide. U-Amasiya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.