22 Wakha i-Elati, walibuyisela kuJuda, inkosi isilele koyise.
23 Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye.
24 Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zonke zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli.
25 Wabuyisa umkhawulo wakwa-Israyeli kusukela ekuyeni eHamati kuze kube seLwandle lwase-Araba; njengezwi likaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, alikhulumayo ngesandla senceku yakhe uJona indodana ka-Amithayi, umprofethi waseGati Heferi.
26 Ngokuba uJehova wabona ukuhlupheka kuka-Israyeli ukuthi kwakumunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla, kungekho omsizayo u-Israyeli.
27 UJehova akashongo ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kepha wabasindisa ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJowashi.
28 Ezinye izindaba zikaJerobowamu, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, nokulwa kwakhe, nokubuyisela kwakhe ku-Israyeli iDamaseku neHamati elalingelakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?