26 Ngokuba uJehova wabona ukuhlupheka kuka-Israyeli ukuthi kwakumunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla, kungekho omsizayo u-Israyeli.
27 UJehova akashongo ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kepha wabasindisa ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJowashi.
28 Ezinye izindaba zikaJerobowamu, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, nokulwa kwakhe, nokubuyisela kwakhe ku-Israyeli iDamaseku neHamati elalingelakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
29 UJerobowamu wayeselala koyise, amakhosi abakwa-Israyeli; uZakariya waba yinkosi esikhundleni sakhe.