14 UMenahemu, indodana kaGadi, wenyuka eTirisa, wafika eSamariya, wagenca uShalumi, indodana kaJabeshi, eSamariya, wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.
15 Ezinye izindaba zikaShalumi nogobe lwakhe alwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
16 Ngaleso sikhathi uMenahemu wachitha iThifisa, nakho konke okwakukulo, nemikhawulo yalo, kusukela eTirisa; ngokuba bengamvulelanga, ngalokho walichitha; nabo bonke abesifazane abakhulelweyo abakulo wabaqaqa.
17 Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Azariya inkosi yakwaJuda uMenahemu indodana kaGadi waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi eSamariya.
18 Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga zonke izinsuku zakhe ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli.
19 Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase-Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.
20 UMenahemu wakhiphisa u-Israyeli imali, bonke abantu abacebileyo, kwaba yilowo nalowo amashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva ukuwanika inkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela emuva inkosi yase-Asiriya, ayihlalanga khona ezweni.