8 Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uZakariya, indodana kaJerobowamu, wayeyinkosi kwa-Israyeli eSamariya izinyanga eziyisithupha.
9 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho benzile oyise, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli.
10 UShalumi, indodana kaJabeshi, wamenzela ugobe, wamgenca phambi kwabantu, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
11 Ezinye izindaba zikaZakariya, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
12 Yilelo izwi likaJehova alikhuluma kuJehu ngokuthi: “Amadodana akho kuze kube sesizukulwaneni sesine ayakuhlala esihlalweni sakwa-Israyeli.” Kwaba njalo.
13 UShalumi indodana kaJabeshi waba yinkosi ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Uziya inkosi yakwaJuda, wabusa inyanga eSamariya.
14 UMenahemu, indodana kaGadi, wenyuka eTirisa, wafika eSamariya, wagenca uShalumi, indodana kaJabeshi, eSamariya, wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.