17 Inkosi u-Ahazi yanquma izindini zezinqe, yasusa kuzo umcengezi wokugeza, yehlisa ulwandle ezinkabini zethusi ezaziphansi kwawo, yawubeka endaweni egandayiwe ngamatshe.
18 Indlela esibekelweyo yesabatha ababeyakhe endlini nendawo yokungena yenkosi engaphandle yakuphambukisela endlini kaJehova ngenxa yenkosi yase-Asiriya.
19 Ezinye izindaba zika-Ahazi azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
20 U-Ahazi wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uHezekiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.