16 Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza no-Ashera,* bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.
17 Badabulisa amadodana abo namadodakazi abo emlilweni, babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaJehova ukumcunula.
18 Ngalokho uJehova wathukuthelela u-Israyeli, wabasusa ebusweni bakhe; akusalanga muntu, isizwe sakwaJuda kuphela.
19 Naye uJuda akagcinanga imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, kepha wahamba ngezimiso zakwa-Israyeli azenzileyo.
20 UJehova wala yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe.
21 Ngokuba wahlwitha u-Israyeli endlini kaDavide; bambeka uJerobowamu indodana kaNebati inkosi; uJerobowamu wamqubula u-Israyeli ukuba angamlandeli uJehova, wamonisa ngesono esikhulu.
22 Abantwana bakwa-Israyeli bahamba ezonweni zonke zikaJerobowamu azenzayo, abasukanga kuzo,