5 Inkosi yase-Asiriya yayisenyuka, yadabula izwe lonke, yenyukela eSamariya, yalivimbezela iminyaka emithathu.
6 Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya, inkosi yase-Asiriya yalithatha iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala, naseHabori ngasemfuleni waseGozani, nasemizini yamaMede.
7 Kwaba njalo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babonile kuJehova uNkulunkulu wabo owabakhuphula ezweni laseGibithe esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe, besaba abanye onkulunkulu,
8 bahamba ngezimiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli nezamakhosi akwa-Israyeli azenzileyo.
9 Abantwana bakwa-Israyeli benza ngasese izinto ezingalungile kuJehova uNkulunkulu, bazakhela izindawo eziphakemeyo emizini yabo yonke ngasemibhoshongweni yabalindi nasemizini ebiyelweyo.
10 Bazimisela izinsika nawo-Ashera* emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza,
11 bashisa khona impepho ezindaweni zonke eziphakemeyo njengokwenza kwabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabo, benza izinto ezimbi ukumcunula uJehova,