1 Kwathi ngomnyaka wesithathu kaHosheya indodana ka-Ela, inkosi yakwa-Israyeli, uHezekiya indodana ka-Ahazi inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
2 Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalingu-Abi indodakazi kaZakariya.
3 Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uDavide uyise.
4 Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera,* wachitha inyoka yethusi ayeyenzile uMose, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babeshisa impepho kuyo kwaze kwaba ngalezo zinsuku; yabizwa ngokuthi uNehushitani.