34 Baphi onkulunkulu baseHamati nase-Aripadi na? Baphi onkulunkulu baseSefarivayimi, nabaseHena, nabase-Iva, na? Balophulile iSamariya esandleni sami na?
35 Ngobani phakathi kwabo bonke onkulunkulu bamazwe abophule izwe lakubo esandleni sami ukuba uJehova alophule iJerusalema esandleni sami na?”
36 Kepha abantu bathula, abamphendulanga ngazwi, ngokuba umyalo wenkosi wathi: “Ningamphenduli.”
37 Base befika u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umlobi, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana, kuHezekiya, izingubo zabo ziklebhukile, bamlandisa amazwi kaRabi Shake.