29 “Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe:Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo,nangomnyaka wesibili isihlabane,nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune,nitshale izivini, nidle izithelo zazo.
30 Abasindileyo bendlu yakwaJudaabaseleyo bayakubuye bagxile phansi,bathele izithelo phezulu.
31 Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insalinasentabeni yaseSiyoni abayakusinda;ukushisekela kukaJehova kuyakufeza lokho.
32 “Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi:“ ‘Ayiyikungena kulo muzi,ayiyikucibishela mcibisholo khona;ayiyikubhekisa kuwo isihlangu,ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.
33 Indlela eyafika ngayo, iyakubuya ngayo;ayiyikungena kulo muzi, usho uJehova.
34 Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindisengenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.’ ”
35 Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.