34 Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindisengenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.’ ”
35 Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.
36 Wayesesuka uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.
37 Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, o-Adirameleki noSareseri bambulala ngenkemba, babalekela ezweni lase-Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.