11 “Ngokuba uManase inkosi yakwaJuda enzile lezi zinengiso, enze kabi kunakho konke ukwenza kwama-Amori ayephambi kwakhe, wonisa noJuda ngezithombe zakhe,
12 ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiletha okubi phezu kweJerusalema naphezu kukaJuda ngangokuthi bonke abakuzwayo, izindlebe zabo zombili ziyakunkeneza ngakho.
13 Ngiyakwelula phezu kweJerusalema umucu wokulinganisa waseSamariya, nomthofu wokumisa indlu ka-Ahabi; ngiyakwesula iJerusalema njengalokho umuntu esula isitsha, esesula asigumbuqele.
14 Ngiyakushiya insali yefa lami, ngiyinikele esandleni sezitha zayo, ibe yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo;
15 ngokuba yenzile okubi emehlweni ami, ingicunulile kusukela osukwini oyise abaphuma ngalo eGibithe kuze kube namuhla.’ ”
16 Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala, waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.
17 Ezinye izindaba zikaManase, nakho konke akwenzayo, nesono sakhe ona ngaso, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?