19 U-Amoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema; igama likanina lalinguMeshulemeti, indodakazi kaHarusi waseJothiba.
20 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise.
21 Wahamba ngezindlela zonke uyise ahamba ngazo, wakhonza izithombe azikhonzayo uyise, wakhuleka kuzo;
22 washiya uJehova uNkulunkulu wawoyise, kahambanga ngendlela kaJehova.
23 Izinceku zika-Amoni zamenzela ugobe, zayibulala inkosi endlini yayo.
24 Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzela inkosi u-Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.
25 Ezinye izindaba zika-Amoni azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?