2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela yonke kaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
3 Kwathi ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya inkosi yathuma uShafani indodana ka-Asaliya kaMeshulamu, umbhali, endlini kaJehova, yathi:
4 “Yenyukela kuHilikiya umpristi omkhulu ukuba abale imali eyiswe endlini kaJehova, iqoqwe ngabalindimnyango kubantu,
5 bayibeke esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova, bakhokhele ngayo abasebenza umsebenzi wasendlini kaJehova ukulungisa izimfa zendlu,
6 ababazi, nabakhi, nabakha ngamatshe, nokuthenga imithi namatshe abaziweyo ukulungisa indlu.
7 Nokho akubalelwananga nabo ngemali eyabekwa esandleni sabo, ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo.”
8 UHilikiya, umpristi omkhulu, wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wanika uShafani leyo ncwadi, wayifunda.