19 Nazo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezazisemizini yaseSamariya, ezenziwa ngamakhosi akwa-Israyeli acunula ngazo, uJosiya wazisusa, wenza kuzona njengazo zonke izenzo azenzileyo eBethele.
20 Wabulala ema-altare bonke abapristi basezindaweni eziphakemeyo ababe lapho, washisa amathambo abantu phezu kwawo, wabuyela eJerusalema.
21 Inkosi yayisiyala bonke abantu ngokuthi: “Yenzelani uJehova uNkulunkulu wenu iphasika njengokulotshiwe kule ncwadi yesivumelwano.”
22 Ngokuba iphasika elinjalo lalingagcinwanga kusukela emihleni yabahluleli abahlulela u-Israyeli, nasemihleni yonke yamakhosi akwa-Israyeli, nakweyakwaJuda.
23 Kepha ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya leli phasika lenzelwa uJehova eJerusalema.
24 Futhi abanamadlozi, nabathakathi, namatherafi,* nezithombe, nazo zonke izinengiso ezazibonwa ezweni lakwaJuda naseJerusalema uJosiya wakuqeda ukuba afeze amazwi omthetho alotshwe encwadini uHilikiya umpristi ayifumanayo endlini kaJehova.
25 Kwakungekho nkosi phambi kwakhe eyaphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo onke amandla ayo njengawo wonke umthetho kaMose, nangasemva kwakhe akuvelanga enjengaye.