2 Amakhosi 23:3-9 ZUL59

3 Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.

4 Inkosi yayisiyala uHilikiya umpristi omkhulu, nabapristi besigaba sesibili, nabalindimnyango ukukhipha ethempelini likaJehova zonke izinto ezazenzelwe oBali, no-Ashera,* nebandla lonke lasezulwini, yazishisa ngaphandle kweJerusalema emasimini aseKidroni, yayisa umlotha wazo eBethele.

5 Yabasusa abapristi bezithombe amakhosi akwaJuda abamisele ukushisa impepho ezindaweni eziphakemeyo emizini yakwaJuda nanxazonke zeJerusalema, kanye nabashisa impepho kuBali nakulo ilanga nenyanga nezinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini.

6 Yakhipha u-Ashera* endlini kaJehova, yamkhiphela phandle kweJerusalema, yamyisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamshisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamcolisisa waba yincushuncushu, yayiphonsa incushuncushu yakhe emathuneni abantu nje.

7 Yadiliza izindlu zezifebe zethempeli ezazisendlini kaJehova, lapho abesifazane bemelukela khona u-Ashera* amatende.

8 Yakhipha bonke abapristi emizini yakwaJuda, yangcolisa izindawo eziphakemeyo, lapho abapristi bebeshise khona impepho, kusukela eGeba kuze kube seBeri Sheba; yadiliza izindawo eziphakemeyo zasemasangweni asesikhaleni sesango likaJoshuwa umphathimuzi, ezazingakwesokhohlo somuntu ngasesangweni lomuzi.

9 Kodwa abapristi basezindaweni eziphakemeyo babengenyukeli e-altare likaJehova eJerusalema, kepha badla isinkwa esingenamvubelo phakathi kwabafowabo.