30 Izinceku zayo zayisusa ngenqola eMegido ifile, zayiyisa eJerusalema, zayimbela ethumeni layo. Abantu bezwe bamthatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.
31 UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema; igama likanina lalinguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibina.
32 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke abakwenzileyo oyise.
33 UFaro Nekho wambopha eRibila ezweni laseHamati ukuba angabe esabusa eJerusalema, wathelisa izwe amatalenta* ayikhulu esiliva netalenta legolide.
34 UFaro Nekho wambeka u-Eliyakimi indodana kaJosiya inkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waguqula igama lakhe laba nguJehoyakimi, kepha wamsusa uJehowahazi, waze waya eGibithe, wafela khona.
35 UJehoyakimi wamnika uFaro isiliva negolide, kepha wathelisa izwe ukuba anike imali njengezwi likaFaro. Wakhiphisa abantu bezwe isiliva negolide, kwaba yilowo nalowo njengentela yakhe ukunika uFaro Nekho.
36 UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguZebida, indodakazi kaPhedaya waseRuma.