5 Yabasusa abapristi bezithombe amakhosi akwaJuda abamisele ukushisa impepho ezindaweni eziphakemeyo emizini yakwaJuda nanxazonke zeJerusalema, kanye nabashisa impepho kuBali nakulo ilanga nenyanga nezinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini.
6 Yakhipha u-Ashera* endlini kaJehova, yamkhiphela phandle kweJerusalema, yamyisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamshisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamcolisisa waba yincushuncushu, yayiphonsa incushuncushu yakhe emathuneni abantu nje.
7 Yadiliza izindlu zezifebe zethempeli ezazisendlini kaJehova, lapho abesifazane bemelukela khona u-Ashera* amatende.
8 Yakhipha bonke abapristi emizini yakwaJuda, yangcolisa izindawo eziphakemeyo, lapho abapristi bebeshise khona impepho, kusukela eGeba kuze kube seBeri Sheba; yadiliza izindawo eziphakemeyo zasemasangweni asesikhaleni sesango likaJoshuwa umphathimuzi, ezazingakwesokhohlo somuntu ngasesangweni lomuzi.
9 Kodwa abapristi basezindaweni eziphakemeyo babengenyukeli e-altare likaJehova eJerusalema, kepha badla isinkwa esingenamvubelo phakathi kwabafowabo.
10 Yangcolisa iThofeti elisesigodini sabantwana bakwaHinomu ukuba kungabikho muntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni kuMoloki.
11 Yasusa namahhashi amakhosi akwaJuda anikele ngawo kulo ilanga ngasendleleni yokungena endlini kaJehova ngasekamelweni likaNathani Meleki induna yasePariwarimi, yashisa izinqola zelanga ngomlilo.