9 Kodwa abapristi basezindaweni eziphakemeyo babengenyukeli e-altare likaJehova eJerusalema, kepha badla isinkwa esingenamvubelo phakathi kwabafowabo.
10 Yangcolisa iThofeti elisesigodini sabantwana bakwaHinomu ukuba kungabikho muntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni kuMoloki.
11 Yasusa namahhashi amakhosi akwaJuda anikele ngawo kulo ilanga ngasendleleni yokungena endlini kaJehova ngasekamelweni likaNathani Meleki induna yasePariwarimi, yashisa izinqola zelanga ngomlilo.
12 Ama-altare ayesophahleni lwekamelo eliphezulu lika-Ahazi, elenziwe ngamakhosi akwaJuda, nama-altare enziwe nguManase emagcekeni omabili endlu kaJehova inkosi yawadiliza, yasuka yagijima, yalahla uthuli emfudlaneni iKidroni.
13 Izindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ngakwesokunene kweNtaba Yokonakala, uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli ayezakhele u-Ashitaroti isinengiso samaSidoni, noKemoshi isinengiso sakwaMowabi, noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni, inkosi yazingcolisa.
14 Yaphahlaza izinsika, yanquma o-Ashera,* yagcwalisa izindawo zabo ngamathambo abantu.
15 I-altare elaliseBethele, nendawo ephakemeyo eyenziwe nguJerobowamu indodana kaNebati owonisa u-Israyeli, nalelo altare kanye nendawo ephakemeyo yakudiliza, yayishisa indawo ephakemeyo, yayicolisisa yaba yincushuncushu, yashisa no-Ashera.*