1 Emihleni yakhe kwenyuka uNebukadinesari inkosi yaseBabele; uJehoyakimi wayeyinceku yakhe iminyaka emithathu; wayesebuya, wamhlubuka.
2 UJehova wathuma kuye amaviyo amaKaledi, namaviyo ama-Aramu, namaviyo abakwaMowabi, namaviyo abantwana bakwa-Amoni, wawathuma kuJuda ukumchitha njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla sezinceku zakhe abaprofethi.
3 Impela kwaba khona lokho kwaJuda ngezwi likaJehova ukubasusa ebusweni bakhe ngenxa yezono zikaManase njengakho konke akwenzileyo,
4 nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.