13 Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yahlahlela zonke izinto zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova.
14 Yathumba lonke iJerusalema, nazo zonke izikhulu, nawo onke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizinkulungwane eziyishumi, nezinyanga zonke zemisebenzi, nabakhandi; akushiywanga muntu ngaphandle kwabantu abayizimpofana bezwe.
15 Yathumba uJehoyakini, yamyisa eBabele; nonina wenkosi, nabafazi benkosi, nezinduna zayo, nabakhulu bezwe yabamukisa ngokubathumba eJerusalema, yabayisa eBabele.
16 Onke amadoda anamandla, ayizinkulungwane eziyisikhombisa, nezinyanga, nabakhandi, abayinkulungwane, bonke bengamaqhawe azilungiselele ukulwa, nabo inkosi yaseBabele yabayisa eBabele ngokubathumba.
17 Inkosi yaseBabele yambeka uMathaniya, uyisekazi, inkosi esikhundleni sakhe, yaguqula igama lakhe laba nguSedekiya.
18 USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguHamithali, indodakazi kaJeremiya waseLibina.
19 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uJehoyakimi.