17 Inkosi yaseBabele yambeka uMathaniya, uyisekazi, inkosi esikhundleni sakhe, yaguqula igama lakhe laba nguSedekiya.
18 USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguHamithali, indodakazi kaJeremiya waseLibina.
19 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uJehoyakimi.
20 Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.