3 Impela kwaba khona lokho kwaJuda ngezwi likaJehova ukubasusa ebusweni bakhe ngenxa yezono zikaManase njengakho konke akwenzileyo,
4 nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.
5 Ezinye izindaba zikaJehoyakimi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
6 UJehoyakimi wayeselala koyise; uJehoyakini indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
7 Inkosi yaseGibithe ayiphindanga futhi ukuphuma ezweni lakubo, ngokuba inkosi yaseBabele yayithathile konke okwakungokwenkosi yaseGibithe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni u-Ewufrathe.
8 UJehoyakini wayeneminyaka eyishumi nesishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema; igama likanina lalinguNehushita indodakazi ka-Elinathani waseJerusalema.
9 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise.