9 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise.
10 Ngaleso sikhathi izinceku zikaNebukadinesari inkosi yaseBabele zenyukela eJerusalema, umuzi wavinjezelwa.
11 UNebukadinesari inkosi yaseBabele weza emzini, izinceku zakhe zisawuvimbezele.
12 UJehoyakini inkosi yakwaJuda waphuma, waya enkosini yaseBabele, yena nonina, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinduna zakhe; inkosi yaseBabele yamthatha ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.
13 Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yahlahlela zonke izinto zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova.
14 Yathumba lonke iJerusalema, nazo zonke izikhulu, nawo onke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizinkulungwane eziyishumi, nezinyanga zonke zemisebenzi, nabakhandi; akushiywanga muntu ngaphandle kwabantu abayizimpofana bezwe.
15 Yathumba uJehoyakini, yamyisa eBabele; nonina wenkosi, nabafazi benkosi, nezinduna zayo, nabakhulu bezwe yabamukisa ngokubathumba eJerusalema, yabayisa eBabele.