1 Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe, ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke.
2 Wawusuvinjezelwa umuzi kwaze kwaba ngumnyaka weshumi nanye wenkosi uSedekiya.
3 Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe.
4 Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi ahamba ngendlela yase-Araba.
5 Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yayifica emathafeni aseJeriko, yonke impi yayo yahlakazeka.
6 Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila; ayahlulela.