1 UJehoramu indodana ka-Ahabi waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaJehoshafati inkosi yakwaJuda, wabusa iminyaka eyishumi nambili.
2 Wenza okubi emehlweni kaJehova kepha kungenjengoyise nonina, ngokuba wasusa insika kaBali abeyenzile uyise.
3 Nokho wanamathela ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, kasukanga kuzo.
4 UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwa-Israyeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu.
5 Kwathi lapho esefile u-Ahabi, inkosi yakwaMowabi yahlubuka inkosi yakwa-Israyeli.
6 Inkosi uJehoramu yaphuma eSamariya ngaleso sikhathi, yabala wonke u-Israyeli.
7 Yaya yathumela kuJehoshafati inkosi yakwaJuda, yathi: “Inkosi yakwaMowabi ingihlubukile; ungahamba nami, silwe noMowabi, na?”Wathi: “Ngiyakwenyuka, mina njengawe, abantu bami njengabantu bakho, amahhashi ami njengamahhashi akho.”